Siyakwamukela ku-Inqubomgomo Yobumfihlo ye-Google

Uma usebenzisa amasevisi we-Google, usithemba ngolwazi lakho. Le Inqubomgomo Yobumfihlo yenzelwe ukukusiza ukuthi uqonde ukuthi iyiphi idatha esiyiqoqayo, kungani siyiqoqa, nokuthi senzani ngayo. Lokhu kubalulekile; sithemba ukuthi uzothatha isikhathi ukuze uyifunde ngokucophelela. Futhi khumbula, ungathola izilawuli ukuze uphathe ulwazi lwakho uphinde uvikele ubumfihlo bakho nokuvikela ku-Akhawunti Yami.

Inqubomgomo Yemfihlo

Fihla izibonelo
Bonisa izibonelo
Fihla izibonelo

Kugcine ukubuyekezwa 2 Okthoba 2017 (buka izinhlobo ezilondoloziwe) (Izibonelo ze-hyperlinked ziyatholakala ekupheleni kwaleli dokhumenti.)

Landa inguqulo ye-PDF

Ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo izinhlelo zethu – ukucinga kanye nokwabelana ngolwazi, ukuxhumana nabanye abantu noma ukwenza izinto ezintsha. Uma wabelana ngolwazi nathi, isibonelo ngokwakha i-akhawunti yakwa-Googlesingenza lezo zinhlelo zibe ngcono – ukukukhombisa imiphumela yokucinga ehambisana kangcono nokucingayo kanye nezikhangiso, ukukusiza uxhumane nabantu noma ukwenza ukwabelana nabantu kusheshe futhi kube lula. Njengoba usebenzisa izinhlelo zethu, sifuna ukuthi ucacelwe ukuthi silusebenzisa kanjani ulwazi nanokuthi ungabuvikela kanjani ubumfihlo bakho.

Inqubomgomo yethu Yobumfihlo iyachaza:

  • Sithatha hloboni lwemininingwane nanokuthi siyithathelani.
  • Siyisebenzisa kanjani leyo mininingwane
  • Ungakukhetha esikunikeza khona, okubandakanya ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane.

Sizamile ukugcina kulula ngakho konke okusemandleni kodwa uma ungenalo ulwazi lwamagama afana nelithi, cookies, ikheli le-IP, amathegi ama-pixex kanye neziphequluli, funda ngalamagamaabalulekilekuqala. Ubumfihlo bakho bubalulekile ku-Google ngakho ngisho ngabe umusha ku-Google noma kade waqala ukuwusebenzisa, uyacelwa ukuthi uthathe isikhathi sokuthi wazi izinqubo zethu – kanti uma unanoma iluphi uhlobo lombuzoxhumana nathi.

Imininingwane esiyithathayo

Siqoqa ulwazi ukuze sihlinzeke ngamasevisi angcono kakhulu kubo bonke abasebenzisi bethu – kusuka ekutholeni izinto eziyinhloko ezifana nokuthi ukhuluma luphi ulimi, kuya kwezinye izinto eziyinkimbinkimbi ezinjengokuthi yiziphi izikhangiso ozithola ziwusizo, abantu ababaluleke kakhulu kuwe ku-inthanethi, noma ukuthi yimaphi amavidiyo we-YouTube ongase uwathande.

Siqoqa ulwazi ngezindlela ezilandelayo:

  • Ulwazi osinika lona. Isibonelo, iningi lamasevisi wethu adinga ukuthi ubhalisele i-akhawunti ye-Google. Uma wenza kanjalo, sizocela ulwazi lomuntu siqu, njengegama lakho, ikheli le-imeyili, inombolo yefoni noma ikhadi lesikweletu ukulondoloza i-akhawunti yakho. Uma ufuna ukusebenzisa okuhle ngokugcwele kwezici zokwabelana esizinikezayo, singahle futhi sikucele ukuthi udale i-phrofayela ye-Google esesidlangalaleni, engahle ifake igama nesithombe sakho.

  • Ulwazi esiluthola kusuka ekusebenziseni kwakho amasevisi wethu. Siqoqa ulwazi mayelana namasevisi owasebenzisayo nokuthi uwasebenzisa kanjani, njengokuthi uma ubuka ividiyo ku-YouTube, uvakashela iwebhusayithi esebenzisa amasevisi wokukhangisa, noma ukubuka nokusebenzisana nezikhangiso zethu nokuqukethwe. Lolu lwazi lufaka phakathi:

    • Imininingwane yedivayisi

      Siqoqa ulwazi oluqondene nedivayisi (njengohlobo lwezingxenyekazi zekhompuyutha, inguqulo yesistimu yokusebenza, izihlonzi zedivayisi ezahlukile, nolwazi lwenethiwekhi yeselula olufaka phakathi inombolo yefoni). I-Google ingase ihlobanise izihlonzi zedivayisi zakho noma inombolo yefoni nge-akhawunti yakho ye-Google.

    • Imininingwane yokungena

      Uma usebenzisa amasevisi wethu noma ubuka okuqukethwe okunikezwa i-Google, siqoqa ngokuzenzakalelayo futhi sigcine ulwazi oluthize kumalogu weseva. Lokhu kufaka phakathi:

      • imininingwane yokuthi uyisebenzise kanjani idivayisi yethu, njengezicelo zakho zokucinga,
      • imininingwane yezocingo njengenombolo yakho yocingo, ukushayelwa kwezinye izinombolo, ukudlulisa izinombolo, isikhathi nosuku locingo, ubude bocingo, imininingwane ngokudluliswa kwe-SMS kanye nohlobo locingo.
      • ikheli lenqubo ye-inthanethi.
      • imininingwane yezehlakalo zedivayisi njengokufa, okwenziwa kwisistimu, izisetho ze-hardware, uhlobo lwesiphequluli, ulimu lwesiphequluli, usuku kanye nesikhathi sesicelo sakho kanye nokubalulwa kwe-URL,
      • ama-coockie angahlonza isiphequluli sakho ngokukhethekile noma i-akhawunti yakho yakwa-Google.
    • Imininingwane yendawo

      Uma usebenzisa amasevisi we-Google, singase siqoqe futhi sisebenzise ulwazi olumayelana nendawo okuyo. Sisebenzisa ubucwepheshe obahlukahlukene ukunquma indawo, kufaka phakathi ikheli le-IP, GPS, nezinye izinzwa ezingahle, isibonelo, zinikezele i-Google ulwazi kumadivayisi aseduzane, Izindawo zokfinyelela ze-Wi-Fi namathawa weseli.

    • Izinombolo zensiza ezikhethekile

      Ezinye izinhlelo zibandakanya inombolo yensiza ekhethekile. Le nombolo kanye nemininingwane ngokufaka (isibonelo, uhlobo lohlelo lokusebenza kanye nenombolo yohlobo lwensiza) kungathunyelwa ku-Google uma ufaka noma ukhipha lolo hlelo noma uma lolo hlelo luxhumana nohlelo lwethu ezikhathini ezithize njengokubuyekezwa okuzenzekalayo.

    • Ukulondoloza kwaseduze

      Kungenzeka sikuqoqe futh sigcina ulwazi (okubandakanya ulwazi lomuntu siqu) eduzane nedivayisi yakho sisebenzisa izinto ezifana nesitoreji sewebhu sesiphequluli (kubandakanya i-HTML 5) kanye nezilondolozi zezinhlelo zokusebenza zedatha.

    • Amakhukhi nobuchwepheshe obufanayo

      Thina nozakwethu sisebenzisa ubuchwepheshe ukuqoqa futhi silondoloze ulwazi uma uvakashela isevisi ye-Google, futhi lokhu kungafaka phakathi ukusebenzisa amakhukhi noma ubuchwepheshe obufanayo ukukhomba isiphequluli sakho noma idivayisi. Futhi sisebenzisa lobo buchwepheshe ukuqoqa nokulondoloza ulwazi uma usebenzisana namasevisi esiwanikezayo kozakwethu, njengamasevisi wokukhangisa noma izici ze-Google ezingabonakala kwamanye amasayithi. Umkhiqizo wethu we-Google Analytics usiza abanikazi bamabhizinisi namasayithi ukuhlaziya ithrafikhi kumawebhusayithi wabo nezinhlelo zokusebenza. Uma kusetshenziswe kuhambisana namasevisi wethu wokukhangisa, afana nalawo asebenzisa ikhukhi ye-DoubleClick, ulwazi le-Google Analytics luxhunywa, yikhasimende le-Google Analytics noma yi-Google, kusetshenziswa ubuchwepheshe be-Google, ngolwazi olumayelana nokuvakasha kumasayithi amaningi.

Ulwazi esiluqoqayo uma ungene ngemvume ku-Google, ngokungeziwe kulwazi esilutholayo mayelana nawe kusuka kuzakwethu, lungaphathelaniswa ne-akhawunti yakho ye-Google. Uma ulwazi luphathelene ne-akhawunti yakho ye-Google, siluphatha njengolwazi lomuntu siqu. Ngolwazi olubanzi mayelana nokuthi ungafinyelela, uluphathe noma ulususe kanjani ulwazi oluphathelene ne-akhawunti yakho ye-Google, vakashela isigaba Ukubonakala nenketho kwale nqubomgomo.

Siyisebenzisa kanjani imininingwane esiyiqoqayo

Sisebenzisa ulwazi esiluqoqa kusuka kuwo wonke amasevisi wethu ukunikela, ukunakekela, ukuvikela nokuwathuthukisa, ukuze siqalise amasha, futhi sivikele i-Google nabasebenzisi bethu. Siphinde sisebenzise lolu lwazi ukuhlinzeka ngokuqukethwe okwakhelwe wena - njengokukunikeza imiphumela yokusesha kanye nezikhangiso ezihambelana nosesho lwakho.

Singaphinde futhi sisebenzise igama olihlinzekayo ephrofayelini yakho yakwa-Google kuzo zonke izinhlelo esizihlinzekayo ezidinga i-akhawunti yakwa-Google. Ngaphezulu kwalokho, singaguqula amagama adlule ahlobene ne-akhawunti yakho yakwa-Google ukuze wethuleke ngokufanele kuzo zonke izinhlelo zethu. Uma abanye abantu sebevele bene-imeyili yakho, noma eminye imininingwane ekuhlonzayo, ungabakhombisa imininingwane yakho yephrofayela yakwa-Google evela emphakathini njenge gama kanye nesithombe sakho.

Uma une-akhawunti ye-Google, singase sibonise igama lakho lephrofayela, isithombe sephrofayela, nezenzo ozenza ku-Google noma kwizinhlelo zokusebenza zezinkampani zangaphandle ezixhumene ne-akhawunti yakho ye-Google (njengokubekiwe +1, izibuyekezo ozibhalayo ngisho namazwana owathumelayo) kumasevisi wethu, kufaka phakathi ukubonisa kwizikhangiso nokunye okuqukethwe kwezentengiso. Sizohlonipha izinqumo ozenzayo zokubeka umkhawulo wokwabelana noma izilungiselelo zokubonakala kwi-akhawunti yakho ye-Google.

Uma uxhumana ne-Google, sigcina imininingwane yokuxhumana nawe ukusiza ukuxazulua noma iziphi izinkinga ongase ubhekane nazo. Singase sisebenzise ikheli lakho le-imeyili ukukwazisa mayelana namasevisi wethu, njengokukwazisa ngezinguquko noma ukuthuthukisa okuzayo.

Sisebenzisa ulwazi oluqoqwe kusuka kumakhukhi nobunye ubuchwepheshe, njengomaka be-pixel, ukuthuthukisa ukuzizwela kwakho komsebenzisi nekhwalithi isiyonke yamasevisi wethu. Enye yemikhiqizo esiyisebenzisayo ukwenza lokhu kumasevisi wethu i-Google Analytics. Ngokwesibonelo, ngokulondoloza ulimu oluncamelayo, sizokwazi ukwenza ukuthi amasevisi wethu avele ngolimu oluncamelayo. Uma ubonisa izikhangiso zakho ezibophezelekile, ngeke siphathelanise isikhombi kusuka kumakhukhi noma ubuchwepheshe obufanayo ngezigaba ezizwelayo, njengalezo ezisuselwe kuhlobo lwabantu, inkolo, ubulili noma ezempilo.

Amasistimu wethu azenzakalelayo ahlaziya okuqukethwe kwakho (okufaka phakathi ama-imeyili) ukukunikeza izici zomkhiqizo ezifanelekile, njengemiphumela yokusesha engokwezifiso, izikhangiso ezenziwe zafanela wena, nokuthola ugaxekile nohlelo olungayilungele ikhompyutha.

Kungenzeka sihlanganise ulwazi lomuntu siqu kusuka kwenye isevisi, okubandakanya iminingwane yabantu, kusuka kwamanye amasevisi e-Google - isibonelo ukuze kubelula ukwabelana izinto nabantu obaziyo. Kuye ngezilungiselelo zakho ze-akhawunti yakho, umsebenzi wakho kwamanye amasayithi nezinhlelo zokusebenza zingahlotshaniswa nolwazi lwakho lomuntu siqu ukuze kuthuthukiswe amasevisi e-Google kanye nezikhangiso ezilethwa yi-Google.

Sizoyicela imvume yakho ngaphambili kokusebenzisa imininingwane ngenhloso engafani naleyo ebekwe Emgomeni Wobumfihlo.

U-Google usebenzasebenzisa imininingwane yomuntu kwi-server yethu emazweni amaningi emhlabeni wonke. Singakwazi ukusebenzisa imininingwane yabantu kwi-server engaphandle kwezwe lapho uhlala khona

Ukuba sobala kanye nokukhetha

Abantu bakhathazwa izinto ezehlukene mayelana nobumfihlo Isifiso sethu ukuthi sicacise ukuthi hlobo luni lwemininingwane esiyiqoqayo ukuze ukwazi ukukhetha kahle ukuthi isetshenziswe kanjani. Isibonelo ungakwazi ukuthi:

  • Buyekeza futhi ubukeze izilawuli zomsebenzi wakho we-Google ukuze unqumbe ukuthi iziphi iziphi izinhlobo zedatha, njengamavidiyo owabuke ku-YouTube noma usesho lwangaphambilini, ongathanda ukuzilondoloza nge-akhawunti yakho uma usebenzisa amasevisi we-Google. Futhi ungavakashela lezi zilawuli ukuze uphathe ukuthi ingabe ezinye izinhlelo zilondolozwe kukhukhi noma ebuchwephesheni obufanayo kudivayisi yakho uma usebenzisa amasevisi ethu ngenkathi uphumile ku-akhawunti yakho.
  • Ukubuyekeza uphinde ulawule uhlobo oluthile lwemininingwane ehlobene ne-akhawunti yakho ngokusebenzisa i-Google Dashboard.
  • Buka futhi uhlele izintandokazi zakho mayelana nezikhangiso ze-Google eziboniswa kuwe ku-Google nayo yonke iwebhu, njengokuthi iziphi izigaba ongahle uzithande, usebenzisa izilungiselelo zezikhangiso. Ungaphinde uvakashele lelo khasi ukuze ukhethe ukuphuma kumasevisi okukhangisa e-Google.
  • Lungisa ukuthi iphrofayela ephathelene ne-akhawunti yakho ye-Google ibonakala kanjani kwabanye.
  • Lawula ukuthi wabelana nobani ngolwazi nge-akhawunti yakho ye-Google.
  • Khipha ulwazi oluphathelene ne-akhawunti yakho ye-Google kumasevisi wethu amaningi.
  • Khetha ukuthi igama lakho lephrofayela nesithombe sephrofayela kuyavela yini kwizincomo ezabiwe ezivela kwizikhangiso.

Ungakwazi futhi ukusetha isiphequluli sakho ukuthi sivimbele wonke amakhukhi, okufaka phakathi amakhukhi ahlobene namasevisi wethu, noma ukubonisa lapho ikhukhi isethwe yithi. Yize kunjalo, kubalulekile ukukhumbula ukuthi iningi lezinhlelo zethu kungenzeka zingasebenzi kahle uma amakhukhi wakho akhutshaziwe. Izibonelo, kungenzeka singalukhumbuli ulimu oluncamelayo.

Imininingwane owabelana ngayo

Iningi lezinhlelo zethu livumela ukuthi wabelane ngemininingwane nabanye. Khumbula ukuthi uma wabelana ngemininingwane esidlangalaleni, ingabonakala ezinjinini zokucinga, kubandakanya u-Google. Amasevisi wethu akunikeza izinketho ezahlukene ekwabelaneni futhi nokususa okuqukethwe kwakho.

Ukufinyelela nokubuyekeza imininingwane yakho

Noma yinini lapho usebenzisa amasevisi wethu, sihlose ukukunikeza ukufinyelela kulwazi lwakho lomuntu siqu. Uma leyo mininingwane ingalungile, senza imizamo yokukunikeza izindlela zokuyibuyekeza ngokushesha noma uyisuse - ngaphandle uma kudingeka ukuthi silondoloze leyo mininingwane ngenxa yezizathu zebhizinisi ezigunyaziwe noma ngenxa yezizathu zezomthetho. Lapho ubuyekeza ulwazi lwakho lomuntu siqu, singase sikucele ukuthi uqinisekise ubuwena ngaphambi kokuthi sithathe isinyathelo ngesicelo sakho.

Singase senqabe izicelo eziphindaphindiwe ngokungaphusile, ezidinga umzamo wobuchwepheshe ongalingani (ngokwesibonelo, ukuthuthukisa isistimu entsha noma ukushintsha ngokuyinhloko umkhuba osuvele ukhona), ezibeka engozini okobumfihlo kwabanye abantu, noma ezingase zingenzeki (ngokwesibonelo, izicelo ezimayelana nolwazi lokutholakala kwamasistimu okwenza isipele).

Lapho khona singahlinzeka imininingwane ukufinyielela kanye nokulungisa, sizokwenza lokho mahhala, ngaphandle uma kudinga umzamo omkhulu ngokweqile. Sizimisele ukugcina uhlelo lwethu ngendlela evikela imininingwane ekulimaleni okwenzeke ngephutha noma ngamabomu. Ngenxa yalokhu, emva kokuba usususe imininingwane ohlelweni lwethu, ngeke sikwazi ukususa ngokushesha amakhophi asalile kuma-server ethu asebenzayo kanti ngeke sisuse imininingwane ezinhlelweni zethu zokugcina izipele.

Imininingwane esabelana ngayo

Asabelani ngolwazi lomuntu siqu nezinkampani, izinhlangano kanye nabantu abangaphandle kwe-Google ngaphandle uma kungaphansi kwalezi zimo:

  • Kube nemvume

    Siyokwabelana ngemininingwane yabantu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sivunyelwe uwena ukuthi senze njalo. Sidinga ukuvuma ukungena ukuze kwabelanwe nganoma imiphi imininingwane yomuntu ebucayi

  • Nabalawuli bedomeyini

    Uma i-akhawunti yakho yakwa-Google yenganyelwe wuwe ngomlawuli wedomeyini(isibonelo, kubasebenzi Bezinsiza ze-Google) umlawuli wedomeyini yakho nabadayisi abahlinzeka ukwesekwa komsebenzisi enhlanganweni yakho bayokwazi ukufinyelela emininingwaneni ye-akhawunti yakho yakwa-Google (okubandakanya i-imeyili yakho kanye neminye imininingwane). Umlawuli wedomeyini yakho angakwazi:

    • ukubheka iminingwane yezinombolo eqondene ne-akhawunti yakho, njengemininingwane emayelana nezinsiza ozifakayo.
    • ukuguqula iphasiwedi ye-akhawunti yakho.
    • ukumisa okwesikhashana noma avale ukufinyelela kwakho e-akhawuntini yakho.
    • ukufinyelela noma ukugcina imininingwane elondolozwe njenge ngxenye ye-akhawunti yakho.
    • ukuthola ulwazi le-akhawunti yakho ukuze kugculise imithetho efanele, imigomo, inqubo zomthetho noma isicelo zikahulumeni esiphoqelelayo.
    • ukukhawula ukukwazi kwakho ukususa noma ukulungisa imininingwane noma izisetho zobumfihlo.

    Uyacelwa ukuthi ubheke umgomo wobumfihlo womlawuli wedomayini yakho ukuthola eminye imininingwane.

  • Ukuze kusebenzeke ngaphandle

    Sinikeza ulwazi lomuntu siqu kumanxusa wethu noma amanye amabhizinisi athembekile noma abantu ukuze basicubungulele lona, ngokuya ngemiyalo yethu futhi ngokuhambisana Nomgomo wethu Wobumfihlo kanye nezinye izilinganiso zobumfihlo nokuphepha ezifanele.

  • Ngenxa yezizathu zomthetho

    Siyokwabelana ngemininingwane yomuntu nezinkampani, izinhlangano noma abantu abangaphandle kwaka-Google uma sikholwa ukuthi ukufinyelela, ukusetshenziswa, ukulondolozwa noma ukuvezwa kwemininingwane kuyadingeka:

    • ukwanelisa nanoma yimuphi umthetho osebenzayo, isimiselo, inqubo yezomthetho noma isicelo zikahulumeni esiphoqelelayo.
    • ukuthi kulandelwe Imibandela yendawo yokusebenza, okubandakanya ukuphenywa kokuphulwa komgomo okungenzeka.
    • ukuhlonza, ukugwema noma ukubhekana nenkohlakalo ukuphepha noma into yezobuchwepheshe.
    • ukuvikela ukulinyazwa kwamalungelo, impahla noma ukuphepha kuka-Google, abasebenzisi bethu noma umphakathi njengokudingwa umthetho.

Singahle sabelane ngolwazi olungakhombeki lomuntu siqu esidlangalaleni kanye nozakwethu – njengabashicileli, abakhangisi noma amasayithi axhumekile. Ngokwesibonelo, singase sabelane ngolwazi esidlangalaleni ukuze sibonise amathrendi okusebenzisa okuvamile amasevisi wethu.

Uma u-Google ebandakanyeke ekubumbaneni, ekuzuzweni noma ekudayisweni kwempahla, siyoqhubeka siqinisekisa ukuthi ubumfihlo banoma imiphi imininingwane yabantu buyagcinwa bese sinikeza abasebenzisi abathintekayo isaziso ngaphambili kokuthi imininingwane yabantu idluliswe noma ithinteke emgomeni wokuphepha owehlukile.

Ukuphepha kolwazi

Sisebenza kanzima ukuvikela u-Google kanye nabasebenzisi ezintweni ezifana nokufinyelela okungagunyaziwe kuya ekuguqulweni okungagunyaziwe, ukuvezwa noma ukoniwa kwemininingwane engakuthina. Ikakhulukazi:

  • Sibhala ubumfihlo iningi lezinhlelo zethu sisebenzisa i-SSL.
  • Sikunikeza ukuqinisekisa kwezinyathelo ezimbili Uma ufinyelela e-akhawuntini yakho yakwa-Google kanyeOkuqukethwe kokuphequlula okuphephileKu-Google Chrome
  • Sihlola imininingwane yethu, izinqubo zokulondoloza nokusebenza, okubandakanya izindlela zokuphepha, ukunqanda ukufinyelela okungagunyaziwe ezinhlelweni.
  • Sinqanda ukufinyelela emininingwaneni yabantu ezisebenzini zakwa-Google, abazinkontileka ama-ejenti adinga ukwazi leyo mininingwane ukuze basisebenzele yona, abaphinde babophezeleke ngaphansi esivumelwaneni sobumfihlo esiqinile abangajeziswa noma kunqanyulwe isivumelwane nabo uma behluleka ukulandela izimiso.

Uma le Nqubomgomo Yemfihlo isebenza

Inqubomgomo yethu yobumfihlo isebenza kuwo wonke amasevisi anikezelwa i-Google LLC nezinkampani zayo eziphethwe, kufaka phakathi i-YouTube, amasevisi i-Google ewanikezela kumadivayisi we-Android, kanye namasevisi anikezelwa kwamanye amasayithi (njengamasevisi wethu wokukhangisa), kodwa ngaphandle kwamasevisi anezinqubomgomo zobumfihlo ezehlukile ezingabandakanyi le ngqubomgomo yobumfihlo.

Umgomo wethu wobumfihlo awusebenzi ezinhlelweni ezihlinzekwa ezinye izinkampani noma abantu, okubandakanya imikhiqizo noma amasayithi angavezwa kuwena njengemiphumela yokucinga, amasayithi angabandakanya izinhlelo zakwa-Google, noma amanye amasayithi ahlobene nathi ngenxa yezinhlelo zethu. Umgomo wethu wobumfihlo awubhekene nezinqubo zemininingwane yezinye izinkampani noma izinhlangano ezikhangisa izinhlelo zethu nokungenzeka zisebenzise ama-cookies, ama-pixel tags kanye nobunye ubuchwepheshe ukuhlinzeka izikhangiso ezifanele.

Ukuhambisana nokubambisana neziphathimandla zokulawula

Sihlale sibuyekeza ukuthobela kwethu Inqubomgomo Yobumfihlo. Futhi sihambisana nezinhlaka eziziqondisa ngokwazo, ezifaka izinhlaka ze-EU-US ne-Swiss-US Privacy Shield Frameworks. Uma sithola izikhalazo ezibhalwe phansi, siyoxhumana nomuntu owenze isikhalazo ukuze silandele udaba lwakhe. Sisebenzisana neziphathimandla zokulawula ezifanele, okubandakanya iziphathimandla zendawo ezivikela imininingwane, ukuxazulula izikhalazo ezimayelana nokudluliswa kwemininingwane esingakwazi ukuthi sizixazulule ngqo nabasebenzisi bethu.

Izinguquko

Umgomo wethu Wobumfihlo ungaguquka ngokuhamba kwesikhathi. Ngeke sinciphise amalungelo akho ngaphansi Komgomo Wobumfihlo ngale kokuthola imvume yakho ecacile. Siyoposa nanoma iziphi izinguquko zomgomo wobumfihlo kuleli khasi. Uma izinguquko zinkulu, siyofaka isaziso esicace kakhulu (okubandakanya izaziso ze-imeyilizezinguquko zomgomo wobumfihlo) kwezinye izinhlelo. Siyophinde futhi sigcine izinhlobo zangaphambilini Zalomgomo Wobumfihlo ezintweni zethu ezilondoloziwe ukuthi ukwazi ukuwubona kabusha.ndo ukubuyekeza.

Izinqubo eziqondene nomkhiqizo

Lezi zaziso ezilandelayo zichaza ngezinqubo zobumfihlo ezithize mayelana nemikhiqizo ye-Google kanye nezinhlelo ongazisebenzisa:

Ngolwazi olubanzi mayenala namanye amasevisi wethu amahle, ungavakashela Umhlahlandlela Wobumfihlo Womkhiqizo ye-Google.

Eminye imisebenzi elusizo ephathelene nobumfihlo nokuvikeleka ingatholakala emakhasini weznqubomgomo nemithetho ye-Google, kuhlanganisa:

Sigcina ulwazi lwakho siqu luyimfihlo futhi luvikelekile — siphinde sikubeke olawulweni.

Funda kabanzi mayelana nokuzinikela kwethu kubumfihlo bakho nasekuvikelweni.